INJABULO ETHEKWINI NGEMPELASONTO KUTHELEKA AWASE SOWETO

Isambane News images-300x216 INJABULO ETHEKWINI NGEMPELASONTO KUTHELEKA AWASE SOWETO  Isambane

Isambane News images INJABULO ETHEKWINI NGEMPELASONTO KUTHELEKA AWASE SOWETO  IsambaneAndizo Mthembu-
24 Okthoba 2017-
Kuzobe kukhetha ukhethi kulempelasonto esibheke kuyo eThekwini njengoba amaqembu aseSoweto okuyi Kaizer Chiefs ne Orlando Pirates azobe etheleke kulelidolobha ezodlala namaqembu akhona kumqhudelwano we Telkom Knockout.

Iqembu leKaizer Chiefs lizobe lingosokhaya ngoMngqibelo nalapho khona lizobe litholene phezulu neqembu laMazulu fc eMoses Mabhida Stadium ngo 20:15 ebusuku,Amakhosi azobe ezakulomdlalo ngenhloso yokujabulisa abalandeli babo kwazise kulenkundla bagcine bephoxwe iqembu le Baroka fc libashaya ngamagoli amabili kwelilodwa kugcwele abalandeli kanti Amakhosi azotheleka eThekwini nje kumdlalo wabo wokugcina we Absa Premiership badlale ngokulingana neqembu le Orlando Pirates eFNB Stadium ngomngqibelo.

Iqembu laMazulu fc lizoza kulomdlalo lihambela phezulu kwazise lisanda kushaya ompetha base Afrika iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kumdlalo we Absa Premiership ngoMngqibelo.

Ngasohlangothini lwe Orlando Pirates yona izobe izoqhuthana ne Golden Arrows ePrinces Magogo Stadium ngo 15:30 emini,Abafana bes’thende abayazi nokuthi kunjani ukushaya iqembu leZimnyama kwimidlalo yomkhumulajezi,ngesizini edlule iPirates ishaye i-Arrows ngo2-1 emdlalweni we Last 16 kwi Telkom Knockout, kanti kulindeleke ukuthi abalandeli bephume ngothi lwabo bezoseka amaqembu abo osukwini lwangoMngqibelo uma sekudlala amaqembu aseGoli kanjalo nawaKwazulu-Natal.

Isiyonke imidlalo ye Telkom Knockout kulempelasonto izoma kanje:
Ngolwesihlanu 27 October 2017
.Maritzburg United vs Platinum Stars (Harry Gwala Stadium,20:00)
NgoMngqibelo mhlaka 28 October 2017
.Golden Arrows vs Orlando Pirates (Princes Magogo Stadium,15:30)
.Polokwane City vs Ajax Cape Town (Old Peter Mokaba Stadium)
.Blomfontein Celtic vs Supersport United ( Dr Molemela Stadium,18:00)
.Kailzer Chiefs vs Amazulu fc(Moses Mabhida Stadium,20:15)
.Bidvest Wits vs Free State Stars(Bidvest Stadium,20:15)
Ngesonto mhlaka 29 October 2017
.Chippa United vs Mamelodi Sundowns ( Sisa Dukashe Stadium,15:30)
.Baroka fc vs Cape Town City (Peter Mokaba Stadium,15:30).

Related posts

Leave a Comment