INJABULO KURONALDO USIZI KUMESSI KWINDEBE YOMHLABA

Isambane News Cristiano-Ronaldo-300x200 INJABULO KURONALDO USIZI KUMESSI KWINDEBE YOMHLABA  Isambane

Andizo Mthembu –

.Izilomo zebhola emhlabeni jikelele kunobhuntshuswayo okungu Christiano “CR7” Ronaldo kanye no Lionel Messi babhekwe kakhulu kwindebe yomhlaba eqhubeka eRussia nokubonakala ihamba ngegiya eliphezulu.
.URonaldo uyena mdlali izinto okubonakala zisamhambela kahle kulomqhudelwano njengoba kuyena futhi osashaye amagoli amaningi kulomqhudelwano ukusiza iqembu lakhe iPortugal ukuthi idlulele phambili kulomqhudelwano.
.UCR7 usize iqembu lakhe Portugal ngokusishayela amagoli amathathu kumdlalo wokuqala wokuvula nalapho bedlala khona neSpain okuwumdlalo ophele ngo3-3,emdlalweni wesibili uRonaldo unqobise iqembu lakhe lishaya iMorocco ngo 1-0 ngolwesithathu ntambama,kanti kusabhekwe lukhulu kuyena uRonaldo ukuthi afake leliqembu kowamanqamu.
.Ngasohlangothini lukaMessi kubonakala izibani zimcishela njengoba emdlalweni wokuqala babambana ne Iceland ngo 1-1 kanti kulowomdlalo uMessi wageja iphenathi ebingabeka phambili i-Argentina kodwa izinto zaphika.emdlalweni wesibili bekulindeleke ukuthi uMessi abuyise isithunzi sakhe uma sebedlala ne Croatia kodwa amathemba e-Argentina aphela njengoba kube zinhlaka zimuka nomoya kulomdlalo iCroatia ifundisa Argentina ibhola njengoba ezikaMessi zibhaxabulwe ngamagoli amathathu eqandeni nokwenza ukuthi ikusasa laleliqembu libe mfilipha kwiNdebe yomhlaba,kumdlalo wesithathu wokugcina i-Argentina izobhekana ne Nigeria.

Related posts

Leave a Comment