INJABULO KUTHONGATHI FC USIZI KWIKINGS

Isambane News 16154afa-01c9-4fbf-b2ed-dbed9130c8b8-300x200 INJABULO KUTHONGATHI FC USIZI KWIKINGS  Isambane

Isambane News 16154afa-01c9-4fbf-b2ed-dbed9130c8b8-300x200 INJABULO KUTHONGATHI FC USIZI KWIKINGS  Isambane
Andizo Mthembu –

Iqembu loThongathi fc kubonakala izinto zalo zihlangana njengoba osukwini lwanamhlanje leliqembu lishaye omkhaya babo iReal Kings ngamagoli amathathu eqandeni emdlalweni ubusePrinces Magogo Stadium Kwamashu, amagoli eCane cutters avalelwe phakathi uCelimpilo Ngema amabili kwathi elilodwa lavalelwa USiyabonga Vilane osenamagoli ayisithupha emidlalweni emihlanu asayidlalile selokhu kuvulwe isizini.

Iqembu loThongathi emdlalweni odlule likwazile ukuthi lishaye iWitbank spurs ngamagoli amabili eqandeni nokumdlalo wokuqala bewudlala ngaphandle kwesikhulu sabo uNico Mkhize odutshulwe emasontweni amabili edlule washona, ukunqoba koThongathi fc lokhu bekuyizifiso zakhe uMkhize njengoba into ebehlezi eyigcizelela eqenjini lakhe ukuthi lilwele amaphuzu amathathu ngasosonke isikhathi.

Ukunqoba koThongathi fc osukwini lwanamhlanje lokho kubabeke endaweni yokuqala kwiligi njengoba emidlalweni emihlanu abasayidlalile basanqobe emithathu badlala ngokulingana kabili, abakaze beshaywe lokhu kubabeke esicongweni ngamaphuzu awu 11.

Lomdlalo wanamhlanje kubonakale zisuka ukuthi inqwaba yamagoli azongena njengoba lomdlalo uqale ngegiya eliphezulu kanti nabalandeli bebephume ngobuningi babo kucaca ukuthi kudlala omkhaya, umdlalo olandelayo woThongathi fc izobhekana ne Royal Eagles.ngasohlangothini lweReal Kings kubonakala usizi liqhubeka njengoba sebehlezi emsileni kwiligi ngephuzu elilodwa, emidlalweni emihlanu esidlalwe iKings ayakanqobi ngisho owodwa kanti isishaywe kawu 4 yadlala ngokulingana kanye.

Related posts

Leave a Comment