Inkabi idalule uKelly Khumalo kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa | Isambane News

Isambane News 2020-08-31-19.46.21-300x169 Inkabi idalule uKelly Khumalo kwelokubulawa kukaSenzo Meyiwa | Isambane News  Isambane

Udaba Ngu: Njabulo Shezi

Oziveze njengenkabi esolakala ngokusoconga uSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana owabulawa ngokutshulwa ngo2014,udalule ukuthi wayeqashwe yisihlabani somculo kuleli uKelly Khumalo ongumama wengane kaSenzo nowayethandana naye ukuthi ayosoconga lesisihlabani sikanobhujuzwayo ngokuthenjiswa isamba esithize semali,

Nokungakacaci nokho ukuthi kungabe kwakuyini imbangela eyayingaholela ekuthenini kwakhiwe itulo lokusoconga uMeyiwa nowayeyithemba leNingizimu Afrika ngaleso sikhathi njengoba uzokhumbula ukuthi owayengikaputeni ngaleso sikhathi(2014) u-Itumeleng Khune wayelimele zonke intambo zihleli kuMeyiwa,

Mumva nje kusanda kuputshuka ngemithombo yabezindaba ukuthi uKelly nodadewabo uZandie kabasabhekani nhlobo njengoba uzokhumbula ukuthi naye (uZandie) wayekhona endaweni yesigameko sokudlula emhlabeni kukaSenzo

Related posts

Leave a Comment