Udaba ngu: Tebogo Moloi

INkatha ithi ayisamukeleki isimo abantu abaphila phansikwaso Osizweni emva kweninyaka engamashumi amabili nahlanu yenkululeko. “Asikwazi ukuba nesimo esifuze lesi ezweni lethu emva kweminyaka engaka yenkululeko” Lawo amazwi umholi weqembu le-IFP, uMnu. Velenkosini Hlabisa ngenkathi leliqembu beli hambele eMndenini wakwa Ndebele Osizweni ngempelasonto eyedlule .

uMnu. Velenkosini Hlabisa we-IFP
UHlabisa uhambele lomdeni othi sekwaphela izinyanga ulala obenyoni ngoba uhlala endlini embozwe ngoseyili jengoba ubonda lwendlu yakulomuzi lwabhidlika ngonyaka odlule, kanti uHlabisa uthi okuzwisa ubuhlungu kakhulu empendulo iKhansela lakwa wadi 11 elabaphendula ngayo becela usizo njengoba lomdeni utshele uHlabisa ukuthi uKhansela wendawo wafika wabatshela ukuthi bangcono ngoba banezitini egcekeni wabashiya kanjalo.
Kulomuzi kuhlala isalukasi amadodakazi aso kanye nabazukulu, uHlabasa uthi lomndeli ulengela engcupheni yokuba isidlalo semigulukudu. ” Noma ubani ophethwe ukuganga engavele esuse loseyili asho phakathi, kanti ngale kuloluya hlangothi ukusho nje ukuthi kunesivalo ngoba into engekho” kuchaza uHlabisa.