Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News

Isambane News FB_IMG_1598818817069-300x300 Intukuthelo kubalandeli bakaMthandeni echukuluza uBig Zulu | Isambane News  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Abalandeli besihlabani somculi kaMaskandi uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele bawotha ubomvu ngemuva kokuba iqhawe labo likhwele ladilika kwikhasi lakhe laku Facebook,lidilika uBig Zulu osematheni kulezinsuku ngezingoma zakhe ethi “Vuma dlozi” apike kuyo uMnqobi Yazo nethi “Isiginci” apike kuyo uMduduzi.

Ethi kahle kahle ngabe uyena inxusa lakwaSpitz ukuba babengeke bambhanqe,maqede wangalidalula igama okukuveze ngokusobala ukuthi wayebhekise kuBig Zulu ngoba hhuye inxusa lakwaSpitz.

Abalandeli bakhwele badilika kuye uMthandeni beveza nokuthi baphoxekile ngalamagaba awakhulumile

UBig Zulu ubengakabonakali ekhombisa ukuphawula

Isambane News – Sibuya Nazo Zishisa -isambanenews@gmail.com

Related posts

Leave a Comment