UMkhandlu Amajuba ufisa ukudlulisa emphakathini waseMadlangeni/Utrecht ukuthi siyazi ngenkinga ekhona ethinta ukungabi bikho kwamanzi nokuphuma kancane kwawo kwezinye izindawo.
UMkhandlu Amajuba uqinisekisa ukuthi uhlelo lokuletha amanzi ngamathangi selwenziwe kuze kulungiseke inkinga ekhona. Sifisa ukwazisa umphakathi ukuthi ngenxa yesidingo esikhulu kungenzeka ama-truck aletha amanzi abambezeleke ukufika kwezinye izindawo kodwa uhlelo luzokwenziwa ukuthi afike kuzo zonke izindawo ezithintekile.
Sixolisa kakhulu ngokuphazamiseka okudalekile kodwa sithembisa ukuthi senza konke okusemandleni ukulungisa inkinga ekhona.
UMkhandlu weSifunda Amajuba
UMnyango wezokuXhumana