Andizo Mthembu –
Kulindeleke ukuthi iqembu leSenegal lidlulele kwi Last 16 kumqhudelwano weNdebe yomhlaba eqhubeka eRussia.
iSenegal ilona iqembu elikwazile ukunqoba umdlalo wokuqala kumaqembu ase Afrika ngokushaya iPoland ngo 2-1 ngolwesibili.
Osukwini lwakusasa iSenegal izobhekana neqembu le Japan ehlule iColombia kumdlalo wokuvula.
UMqeqeshi weSenegal u-Aliou Cisse uthi bazimisele ngokuthi banqobe lomdlalo wabo wakusasa wabe esexwayisa abadlali bakhe ukuthi abangazithwali kakhulu kodwa kufanele bezehlise ngoba luselude ukhalo abasazoluhamba kulomqhudelwano yingakho kufanele bejabule ngokushaya iPoland kodwa bebuyele nganeno.
Lomqeqeshi uthi uzimisele kakhulu ngokuqopha umlando ngokudlulela kuma Semi-final kulomqhudelwano njengoba wakwazi ukufinyelela kuma quarter-final ngo 2002 kuwona lomqhudelwano weNdebe yomhlaba.
Isenegal izovala imidlalo yamaqoqo ngolwesine nalapho izobe ibhekene ne Colombia,ukuze zidlulele phambili ezika Cisse kuzofanele beshaya iJapan kusasa.