Isexwayiso ngemvula enamandla eKZN | Isambane News

Isambane News rainfall-1513617588-7054-300x225 Isexwayiso ngemvula enamandla eKZN  |  Isambane News  Isambane

uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal  usuxwayise abantu abahlala ezindaweni eziseduze nemifula ukuthi basuke baye ezindaweni eziphephile njengoba izulu liqhubeka nokuyidliva kulesifundazwe kulandela ukuhlasela kwemvula enamandla eshiye kukhalwa ezindaweni eziningi KwaZulu-Natal izolo

uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uphinde waxwayisa abantu ukuthi bengalokothi beqe imifula egcwele ngezinyawo kanye nangezimoto njengoba kulindeleke ukuba imvula iqhubeke nokuyiliva kulesisifundazwe.

uNgqongqoshe womnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal osabambile uNkk Peggy Nkonyeni uthe abantu abahlale ngaphakathi ezindlini, bagweme ukuba semigwaqeni kanye nokuwela imifula egcwele.

“Uma kwenzeka uvaleleka emotweni ngamanzi anyukayo, yishiye ngokushesha bese ufuna indawo ephezudlwana,” kuxwayisa uNkonyeni.

uMnuz Mkhushulwa Msimanga oyisangoma sezulu kwaSouth African Weather Service uthe zingu 60% izimvula okulindeleke ukuba zibe khona kulesisifundazwe kanti lizoqhubeka nokuyidliva izulu ezindaweni ezigudle ugu KwaZulu-Natal namhlanje.

IMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ixwayise abantu ukuthi bayeke ukwakha ezindaweni eziseduze nemifula ngoba yizona ezivamise kakhulu ukuhlaselwa yizikhukhula.

Related posts

Leave a Comment