Isexwayiso ngozenza ungqongqoshe kuFacebook

Isambane News unnamed-233x300 Isexwayiso ngozenza ungqongqoshe kuFacebook  Isambane

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uNathi Nhleko, usephumele obala waziqhelelanisa ne-account esenkundleni yezokuxhumana, uFacebook, okuthiwa ngeyakhe.

Kuthiwa le account ibhaliswe ngamagama aphelele kaNgqongqoshe uNathi Nhleko, kanti iphinde ibe nezithombe zikaNgqongqoshe eyedwa kanye nalezo ezathathwa namalungu e-South Africa Police Service (SAPS).

“Ngifisa ukuziqhelelanisa kakhulu nale account yaku-facebook futhi ngithatha ukusetshenziswa ngokukhwabanisa kwegama lami kanye nezithombe zami njengokuphulwa kwamalungelo ami.

“Lesi senzo kumele sigxekwe ngayo yonke indlela esingagxekwa ngayo. Ukukucacisa, angikaze ngibe ezinkundleni zokuxhumana futhi anginazo izinhloso zokwenzenjalo maduze,” kusho uNgqongqoshe.

Uqhube wathi akafuni ukulithathela phansi lolu daba ngoba yinto esezinkundleni zokuxhumana.

Ngaphezu kwalokho uNgqongqoshe uthi ucabanga nokuthatha izinyathelo zomthetho.

Related posts

Leave a Comment