Ishiye imindeni eminingi ikhala imvula enamandla ebihlasele eNewcastle kusihlwa

Isambane News 54408470_10156047370582109_1036775173627314176_n-225x300 Ishiye imindeni eminingi ikhala imvula enamandla ebihlasele eNewcastle kusihlwa  Isambane

Isambane News 54408470_10156047370582109_1036775173627314176_n Ishiye imindeni eminingi ikhala imvula enamandla ebihlasele eNewcastle kusihlwa  IsambaneIsambane News 54430465_2118890641524246_2117957964043124736_n Ishiye imindeni eminingi ikhala imvula enamandla ebihlasele eNewcastle kusihlwa  IsambaneImvula enamandla ebinomoya,eshaye ngamatshe amakhulu ebihlasele eNewcastle namhlanje kusihlwa ishiye imindeni eminingi ikhala emva kokuba idale umonakalo omkhulu ezindlini.

Ngokwemibiko etholakale ku-Facebook kuvela ukuthi lemvula enamandla yenze umonakalo omkhulu njengoba ishaye amafasitela ezimoto afa,amafasitela asezindlini nawo afa,kwathinteka ama phuli (swimming pools), kwasiphuka phansi izihlahla kwadaleka umonakalo omkhulu, kwantinteka izintambo zikagesi kwaba nomonakalo nasezingcingweni zokubiyela imizi.

Kubikwa ukuthi umonakalo udaleke kakhulu ezindaweni ezisedolobheni laseNewcastle nakwezinye izingxenye zaseMajuba.

Imininingwane ephelele ngomonakalo odalwe yilemvula uzotholakala ngokuphelele kusasa.

Izithombe: zicashunwe ku-Facebook

Related posts

Leave a Comment