Iphini likamengameli eNingizimu Afrika uMnz David Mabuza uthi isifo sofuba isona sifo esihamba phambili ngokufa kwabantu kuleli.
uMabuza ukusho kanje ngenkathi ephendula imibuzo ephalamende likazwelonke namhlanje.
uMabuza uthe uhulumeni usekwazile ukwehlisa isifo sofuba ngo 30% futhi useqinisile ukulwisana kwakhe nesifo sofuba ngokuthi kufinyelelwe kubantu abangu 80 000 kunyaka ka 2018/2019 wezezimali.
uMabuza uthi isifo sofuba isifo esilaphekayo abangakwazi ukulwisana naso.
Iphini likamengameli lithi inkani nje abantu bengakwazi ukuthi baye emtholampini kusenesikhathi khona bezokwazi ukuthola imishanguzo yabo.
Uthi kulonyaka bazibekele ukuthi bafinyelele kubantu abangu 80 000 kulonyaka wezezimali