Udaba ngu: Ntobeko Makhaye
Isihlabani somculi wakuleli esaduma ngengoma eyayidla ubhedu ethi “Uloliwe” uZahara uveza ukuthi TS_Records imkweleta uR10 million.
Akahlalisekile neze phansi uyifuna la imali yakhe njengoba evule icala.Okulindekeke ukuthi kuzocacisa yona inkantolo.

uZahara uzwakalise ukukhathazeka okuhamba nentukuthelo mayelana nemali yakhe. Ukhala ngokuthi yena usebenza kanzima, konke lokho i TS_Records ayikuboni lokho.

Ubanqumela ugwayi katiki eTS_Records ngemali yakhe ayifuna iphelele.
Izithombe: Gallo Images