ISIKHULU SECELTIC SIVEZA OKULETHE UKOMPHELA KWISIWELELE

Isambane News DgJHcdxX0AAc28k-287x300 ISIKHULU SECELTIC SIVEZA OKULETHE UKOMPHELA KWISIWELELE  Isambane

Andizo Mthembu –

Inkinga ezibhekene neqembu leBlomfontein Celtic kulezinsuku zinzima kakhulu njengoba kuvela ukuthi leliqembu liyadayiswa ngenxa yokuthi lishodelwa izimali kodwa osukwini lwangolwesithathi kudideke abantu abaningi ngesikhathi leliqembu limemezela umqeqeshi walo omusha uSteve Komphela obecija iqembu leKaizer Chiefs nalapho khona eshiye kungasekuhle ngenxa yokuphikwa imiphumela,iCeltic imemezele uKomphela nje isanda kuxosha umqeqeshi wayo uVaselin Jelusic ongabanga nesizini enhle kwisiwelele.

Isikhulu se Bloemfontein Celtic Max Tshabalala uveze ukuthi into abayilethele uKomphela eqenjini ingoba ungumqeqeshi ohlakaniphe kakhulu kanti futhi unesipiliyoni esikhulu ekuqeqesheni,uTshabalala uthi banethemba lokuthi uKomphela uzobuyisa injabulo yabalandeli kwiqembu labo njengoba ngesizini edlule izinto zingabahambelanga kahle,ube esenxusa abalandeli besiwelele ukuthi babambisane nomqeqeshi omusha.

Related posts

Leave a Comment