Izangoma zezulu zithi amakhaza azobe eshubusa umkantsha eKZN
Izangoma zezulu zibika ukuthi amakhaza azobe ebuza ukuthi ungubo ungakhi ngale mpelasonto kwaZulu-Natal.
Ngokwemibiko ye- Newswatch, uThandiwe Gumede okhulumela i-SA Weather Service uthe lizonetha futhi kuzobanda kakhulu kulezi nsuku ezimbalwa ezilandelayo.
“Kulindeleke iqhwa eliningi ngeSonto nangoMsombuluko, ngaphezu kwalokho kulindeleke imvula enamandla ezindaweni eziningi kulesi sifundazwe,” kusho yena.
Abaqaphi bomgwaqo u-N3 baxwayisa abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokukhulu ukuqaphela ngoba isimo sezulu esingesihle singabaphazamisa endleleni.