Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa
Usuku lwesibili namhlanje iqalile ingqungquthela emayelana negciwane lengculazi, ebanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini.
Lengqungquthela emayelana negciwane lengculazi iqale izolo, mhla ziyi-11 izophothulwa ngolwesihlanu mhla ziyi 14 June 2019,kanti isingiyesi shiyagalolunye (9) kulonyaka iqhubeka.

Phakathi kwezinto okulwisane nazo kakhulu indaba yokucwaswa kanye nokuhlukunyezwa kwabaphila negciwane lengculazi njengoba kuqalwe ngokubanjwa kwemashi ebihamba maphakathi nemigwaqo yeTheku,eqinisekisa ukuthi kuhlonishwe amalungelo abantu abaphila negciwane lengculazi.

Lengqungquthela ihanjelwe izikhulu zikahulumeni kuleli okubalwa kuzo,uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Zweli Mkhize,uNgqongqoshe weZempilo Kwa-Zulu Natal uNkz Nomagugu Simelane,uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Sihle Zikala, iPhini leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer, uNgqongqoshe wezeziMali Kwa-Zulu Natal, uMnu Ravi Pillay,uSekela sihlalo weUNAIDS uDKT Shannon Hader, uSekela sihlalo weSouth African National Aids Council (SANAC) uSteve Letsike kanye nabanye. Zibalelwa ku-3 000 izikhulu ezihambele lengqungquthela enkulukazi emhlabeni wonke yokulwa negciwane lengculazi.jengoba kusaqhubeka lengqungquthela,amaphoyisa omgwaqo anxusa izakhamizi kanye nabashayeli bezimoto ukuba baqaphele futhi babekezele njengoba kuzoba nemigwaqo ezovalwa .

Izithombe zicashunwe ku: https://www.facebook.com/kznhealth/