Kulindeleke amakhulu ngamakhulu ezintombi ezilinganiselwa ngaphezu kuka-25 000 eziqhamuka ezindaweni ezahlukahlukene kuleli eMkhosini woMhlanga ozobe weziwa ihlandla lesi-35 kulonyaka esigodlweni seSilo,eNyokeni KwaNongoma kulempelasonto.
uMkhosi woMhlanga ugujwa minyaka yonke ngenhloso yokuzohalalisela izintombi ezisuke zizigcinile ngobuntombi bazo,zazithiba ocansini ngaphambi kokuba kufike isikhathi somshado kuphinde kuyalwe futhi kukhuthazwe ukuziphatha kahle kwezintombi.
Ungqongqoshe wezobuciko namasiko KwaZulu-Natal uNkz Hlengiwe Mavimbela uveze ukuthi konke sekumi ngomumo ngoMkhosi woMhlanga futhi ulundile ukuba umcimbi ube enkulu impumelelo.
Ekuqaleni kwalelisonto uNgqongqoshe wezobuciko namasiko KwaZulu-Natal uNkz Hlengiwe Mavimbela ehambisana nobengu Ngqongqoshe wezoThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda,bahlolisise amabhasi okuyiwona azohambisa izintombi esigodlweni ukuqinisekisa ukuthi izithuthi zisesimeni esifanele yini sokuthutha.

Emasontweni edlule bekusanda kwenzeka isibhicongo sengozi lapho kudlule khona emhlabeni izintombi eziyisithupha endaweni yasePhomoroyi nezikade ziye emcimbini wokulungiselela uMkhosi woMhlanga obizwa nge-Siyaya eMhlangeni,yingakho uMavimbela eqinisekise ukuthi izithuthi zezintombi zisesimweni esifanele.

Isilo Samabandla sesimi ngomumo ukwethula inkulumo yaso ebheke kwizintombi kusasa.
Izithombe zicashunwe ku: https://www.facebook.com/artskzn/