KONKE SEKUMI NGOMUMO NGE WORLD CUP YOMASKANDI | ISAMBANE NEWS

Isambane News 55831558_385733702011538_2575135049196240896_n-300x300 KONKE SEKUMI NGOMUMO NGE WORLD CUP YOMASKANDI  | ISAMBANE NEWS  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Umthwalo ususobhokweni kusasa njengoba kuzobe kunendumezulu yomcimbi kaMaskandi oba minyaka yonke owaziwa ngokuthi iMpucuzeko Maskandi Festival obuye uteketiswe ngokuthi iWorld Cup kaMaskandi ngengxa yokuthi usuke ubophele inqwaba yabaculi bakaMaskandi ukusukela emavukaneni kuya ezinkunzini.

uThabiso Zondi odume ngelika Skapie intatheli yakwaGuqa kwezabalandeli bakaKhuzani Mpungose uthi yena ujabule kakhulu ngokuya kulomcimbi kanti uzimisele ngokubona iqhawe lakhe uKhuzani evala umcimbi, ufisa futhi nokubona uMzukulu noNjoko benza ezibukwayo,.

uSkapie wayekade ekhona futhi emcimbini kaKhuzani owawuseMabhida ngasekuqaleni kwalonyaka.

Related posts

Leave a Comment