Konke sekumi ngomumo ngomcimbi we-Impucuzeko Maskandi Festival

Isambane News 55831558_385733702011538_2575135049196240896_n-300x300 Konke sekumi ngomumo ngomcimbi we-Impucuzeko Maskandi Festival  Isambane

Ubhekwe ngabomvu umcimbi womculo kaMaskandi wesishiyagalombili (8th) Impucuzelo Maskandi Festival ozoba senkundleni yezemidlalo i-Moses Mabhida Peopleā€™s Park eThekwini ngoJulayi 20.

Abaculi abazobe bekhona kulomcimbi bezonandisa uKhuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose, uShwi noMntekhala, uThokozani Langa,Qhosha,uNjoko,Dlubheke,Amageza Amahle,Jaiva kanye nabanye abaningi.

Kulindeleke izinkumbi zabalandeli bomculo kaMaskandi ezisuka ezindaweni ezahlukahlukene kuleli ukuba zizothamela lomcimbi omkhulukazi waminyakayonke obizwa nge- Impucuzelo Maskandi Festival

Abathandi bomculo kaMaskandiĀ  bayanxuswa ukuba bathenge amathikithi njengoba sekusele izinsuku ezinhlanu nje vo ukuba kufike usuku lomcimbi.

Isithombe sicashunwe ku: https://www.facebook.com/impucuzekomaskandi/

Related posts

Leave a Comment