Abazali bavamise ukwelulekwa ngokudla okumele bakuphe izingane zabo, kodwa kungagcizelelwa ukubaluleka kwamanzi ezinganeni.
Njengakubantu abadala, amanzi emzimbeni womntwana ehlisa izinga lokushisa, ahambisa i-oxygen nama-nutrients egazini, akhiphe udoti aphinde athambise amalunga omzimba.
Aphinde avikele izitho zomzimba nama-tissues.
Uma umzimba ungaphelelwa amanzi, izinga lokushisa liyakhuphuka bese umzimba, ikakhulukazi ingqondo, izwele ukushisa kakhulu.
Lokhu kwenzeka ngokushesha ezinganeni kanti kubantu abadala kuthatha isikhashana.
Izingane azivamisile nokuzwa ukuthi zomile okwenza kubaluleke ukuthi abazali nothisha ezikoleni babagqugquzele izingane ukuthi ziphuze amanzi ngisho zingomile.
Kubaluleke ngani ukuphuza amanzi njalo nje ezinganeni?
