Andizo Mthembu
Unozinti we Baroka fc u-Oscarine Masuluke ubhekwe ngabomvu osukwini lwanamhlanje ngegoli lakhe eliqathwe namathathu ekudleni umklomelo we puskas Award.
UMasuluke uwabhekise izolo amabombo eLondon ngethemba lokuthi uzobuya nayo lendondo okuzoba engowokuqala e-Afrika ukunqoba iPuskas Award,lonozinti igama lakhe laphakanyiswa endimeni yabashaye amagoli avelele ngegoli alishaya bedlala ne Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngesizini edlule kumdlalo weligi,lomdlali osukwini lwayizolo uthe unethemba lokuthi uzobuya nayo lendondo,”ukuya eLondon ngiyohlangna nabanye babadlali abaphambili emhlabeni kungukufezeka kwephupho nje lokho kukodwa ,lokhu akukho mayelana nami kodwa umndeni wami ,izwe lami kanye nezwekazi,Ngiyaqala ukuya kwelinye izwe,ngiyajabula kakhulu,nginethemba lokuthi lendodo ngizobuya nayo,”kusho uMasuluke.
Umgadli waseFrance odlalela i-Arsenal u-Olivier Giroud no Deyna Castellanos waseVenezuela bangabanye babadlali abagaqele lesisicoco,esizokhishwa namhlanje ebusuku enhlokodolobha yaseNgilandi.