Kuboshwe abathathu ngecala lokugebenga ibhizinisi imali engaziwa eNewcatle.
Le sitolo esisePioneer Park sagetshengwa abasolwa abathathu ngomhlaka 31 kuMfumfu lapho okwathathwa khona isamba semali.
Laba basolwa abaseminyakeni ephakathi kuka-33 no-37 baboshiwe kanti amaphoyisa athathe izimoto zabo ezimbili.
Kulindeleke ukuba bavele enkantolo kungekudala lapho bezotheswa khona amacala ngokusemthethweni.
Kwesinye isigameko sokubulala eNewcastle, kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-39 ngecala lokuulala.
Kuthiwa lo mlisa wadubula wabulala isisulu ngesikhathi kugetshengwa ibhizinisi kumgwazo uVoortrekker ngomhlaka 5 kwephezulu.
Amaphoyisa athi uphenyo lusaqhubeka mayelana nalesi sigameko