Kuboshwe abafundi ababili izolo ebusuku ngenkathi iqulu labafundi libhikisha enyuvesi yase Wits.

Isambane News 14650500_1815131165371799_5373293006516449926_n-300x174 Kuboshwe abafundi ababili izolo ebusuku ngenkathi iqulu labafundi libhikisha enyuvesi yase Wits.  Isambane

Labafundi baye bashaya ngamatshe ibhilidi baphula namawindi becekela phansi isakhiwo senyuvesi.
Leliqulu liphinde lazama ukuqala umlilo nakwelinye lamabhilidi kodwa azange baphumelele.Lamabhilidi kubalwa ihholo lakwa old mutual,iDJ du Plessis kanjalo nenkundla ye science kubhilidi elaziwa ngomthombo.
Okhulumela inyuvesi uShirona Patel uthi amanye amabhilidi abagcwaliswe ngamanzi emvakokuthi lezitshudeni zishioye ompompi bevulelwe amanzi.
Imililo ezame ukuqalwa abafundi ngenhlanhla iye yacishwa ngokushesha ngokusho kuka Patel.
Inyuvesi isola ukuthi lenas nje imizamo yokusabisa nanokuthi abantu abangaphakathi kwi campus bangayikofunda.
uPatel uthi ezinsukwini ezimbalwa sebebone ukusatshiswa ngezindlela eziningi ezahlukahlukene

Related posts

Leave a Comment