OKlebe babophe abesilisa abathathu eRichards Bay enyakatho yeKwaZulu-Natal ngecala lokubanjwa kwenkunzi imoto ethwala imali.
Isigameko senzeke ngoJulayi ku-R66 phakathi kwasoLundi naKwaNongoma.
Unogada wenkampani iFidelity kanye nomunye umuntu owayebukela balimala kabi kulokhu kudubulana ngesikhathi abasolwa abayishumi bebamba imoto.
Babaleka nemoto kanye nemali elinganiselwa ku-R760 000.
Abasolwa abathathu bavele eNkantolo yeMantshi KwaNongoma ngoLwesithathu kanti bagcinwe esitokisini baze bavele futhi ngoLwesithathu