Kufezeke amaphupho iSundowns iphakamisa indebe ye-CAF

Isambane News Sundowns-Caf-winners-use-300x210 Kufezeke amaphupho iSundowns iphakamisa indebe ye-CAF  Isambane

Iguqule umlando iMamelodi Sundowns ngesikhathi iphakamisa indebe ye-CAF Champions League ngeSonto yize ikade ilandela ngemuva ngo 1-0 idlala neZamalek yaseGibhithe.

Alenzanga mehluko igoli likaStanley Ohawuchi elingene ngomzuzu ka-64 njengoba iZamalek ibivele ilandela ngemuva ngo 3-1 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili.

Ukunqoba kweDowns kubuyise ithemba njengoba iNingizimu Afrika yaphuma emidlalweni yokuhlungela ngo-Ephreli, yangena ngoba nakhu iDemocratic Republic of Congo isikhishwa kulo mqhudelwano.

Lokhu kunqoba kusho ukuthi iSundowns izokhala yemuke no-$1.5 million kanti yaphinde yazibekela indawo kowe-FIFA Club World Cup eJapan ozoba ngoDisemba.

“Bekungumshikashika kepha siyajabula ngoba sigcine sinqobile ekugcineni,” kusho umgali uKhama Billiat.

“Sikulungele ukubhekana nezingqungqulu zomhlaba eJapan. Sizizwa sihlonipheke kakhulu ngokunqoba,” esho.

Umdlali wasesiswini uKeagan Dolly uthe: “Besazi ukuthi ngeke kube lula ngoba iZamalek iyiqembu elinohlonze futhi elihlonishwa kakhulu.

“Abanye abantu bazothi sangena ngopotsho, kepha engikushoyo mina ukuthi bekusifanele ukuba lapha siphinde sinqobe sibe ngoshampeni base-Afrika.”

Kuthiwa bekuqala ngeSundowns ukuthi kushaywe amagoli amathathu ngomlenze owodwa kowamanqamu.

Le ndebe yagcina ukubuya ne-Orlando Pirates ngo-1995.

Related posts

Leave a Comment