KUGQAME U BRILLIANT KHUZWAYO KOWE CARLING BLACK LABEL.

Isambane News goalkeeper-brilliant-khuzwayo-headshot-players-orlando-pirates-brandon-barnard-photographer-DSC3703-273x300 KUGQAME U BRILLIANT KHUZWAYO KOWE CARLING BLACK LABEL.  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Namanje lisagijima emoyeni igama likanozinti we-Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo ofike kwezimnyama ngesizini esanda kuphothulwa kodwa akangadlala nowodwa umdlalo njengoba kade kunokuxilongwa obekulokhu kwenziwa eqakaleni lakhe.

Ngasekuphothulweni kwesizini ubesenokubonakala kwiReserve Team ye- Orlando Pirates ebidlala kuMulti Choice Diski Challenge nokulapho abebukeka enza kangconywana khona, uke wabakhona futhi kwisikwati se-Orlando Pirates ebesidlala kuCAF Champions League.

Igama lakhe lisemoyeni nje ezikamagebhula zizotholana phezulu namakhosi emuqhudelwaneni weCarling Black Label Cup ozokuba mhla zingama- 27 kuJuly, makhulu amathemba okuthi uKhuzwayo angase abonakale kulomdlalo njengoba abapendeli bebhola benikwa nethuba lokuthi bafake nabadlali abathandwa yibona baphinde benze noshintsho kubadlali, Kanti futhi kuwo lomdlalo kulindeleke ukuthi kubonakale okokuqala uKaputeni weKaizer Chiefs uItumeleng Khune emveni kwesikhathi eside agcina ukubonakala enkundleni ngenxa yokulimala engalweni nokuphinde kwadonsisa kanzima iChiefs yazo yaphothula isizini ihleli kunombolo 9 okusho ukuthi ngeke badlale kuMTN 8 ngesizini ezayo.

Isambane News unnamed KUGQAME U BRILLIANT KHUZWAYO KOWE CARLING BLACK LABEL.  Isambane
Unozinti we-Orlando Pirates uBrilliant Khuzwayo

Izithombe zicashunwe ku: Esiphezulu: https://www.orlandopiratesfc.com :Esingezansi timeslive.co.za

Related posts

Leave a Comment