Izidumbu ezingamashumi amane nambili zitholakale kumgwaqo uM1 eGoli izolo.Inyunyane iNEHAWU isigxeke uhulumeni ngesigameko sayizolo sokutholakala kwezidumbu.
Imoto ebithwele inqola ebinezidumbu ibisuka esibhedlela iCharlotte Maxeke zihanjiswa emathuneni aseOlifantvlei ukuyongcwatshwa.
Lemoto ebithwele izidumbu iphukelwe isondo yama nse nokuye kwadala isiminyaminya kumgwaqo onguthelawayeka.
iNEHAWU igxeka uhulumeni ngokusebenzisana nezinkampani ezizimele kanti kuvele ukuthi inkampani ezimele ethwala izidumbu iqashwe ukuthi ithuthe izidumbu ngamanani aphansi kwasetsheniziswa inqola engavaleki.
Inyunyane ithi izidumbu zidinga ukuthi ziphathwe ngenhlonipho futhi kusetshenziswe ezokuthutha ezifanele ezinesithunzi.