KUHLONGOZWA EYOKUQASHWA KWABASHUSHISI KWI-PSL

Isambane News B18ECSS0058-620x330-300x160 KUHLONGOZWA EYOKUQASHWA KWABASHUSHISI KWI-PSL  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Ongusihlalo we-Premier Soccer League uDkt Irvin Khoza uthi beyi-PSL basezinhlelweni zokuqashwa kwabashushisi abathexaxa ngokwesibalo njengoba benomshushisi oyedwa nje othwele kanzima njengoba emaningi amacala okufanele awangamele ekubeni eyedwa.

Uveza lokhu nje uKhoza emveni kokukhuluma okuningi kubuye kusolakale ukuthi engathi hhuye othatha izinqumo, kumanje kusenamacala angakathethwa okufaka phakathi nelompetha be-Absa Premiership iMamelodi Sundowns eyadlalisa Wayne Arendse kungafanele, lelicala lake lahlala ngaphambilini kwaphuma isinqumo sokuthi iSundowns ayikhokhe uR250 000 nokwasusa omkhulu umsindo amanye amaqembu ekhala ngokuthi kungani iSundowns yona ikhokhiswe Imali ekubeni bona bathathelwa amaphuzu, iPSL yabuye yasiphosela inselelo isinqumo senkantolo nokumanje alikahlali icala.

Isithombe sicashunwe: Diskifans.com

Related posts

Leave a Comment