Kumangaze abaningi kuleli kudilika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni

Isambane News unnamed-300x190 Kumangaze abaningi kuleli kudilika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni  Isambane
Isambane News church-collapse-1-557x418 Kumangaze abaningi kuleli kudilika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni  Isambane

Kushiye umphakathi udidekile emva kokudilika kwesakhiwo sebandla endaweni yaseDlangubo ngaseMpangeni Kwa-Zulu Natal izolo ebusuku.

Kutholakale ukuthi kudlule abantu-13 emva kokwenzeka kwalesehlakalo.Imbangela yaso kube ukuwa kophahla lwesonto abazalwane bengaphakathi. Abanye abalimele kulesehlakalo baphunyiswe esibhedlela.

Kubikwa ukuthi ukuwa kwalesisakhiwo kudalwe
imvula ebinamandla ebembisana nomoya omkhulu,kwase kudaleka umonakalo kwisakhiwo sebandla abazalwane bengaphakathi bambozeka.

Kubizwe abezimo eziphuthumayo endaweni yesigameko kanti kube muncu kuwonawonke umuntu kwazise bekungalindelekile.

Isambane News unnamed Kumangaze abaningi kuleli kudilika isakhiwo sesonto eDlangubo ngaseMpangeni  Isambane

Related posts

Leave a Comment