Kushone abantu ababili kwalimala oyedwa esigamekweni sokudubula endaweni yobumnandi

Isambane News 31091848_2267675643259365_8018954304631729706_n-300x150 Kushone abantu ababili kwalimala oyedwa esigamekweni sokudubula endaweni yobumnandi  Isambane

Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa

Madadeni – Kushone abantu ababili (2) kwalimala oyedwa (1) namhlanje kusihlwa esehlakalweni sokudubula esenzeke endaweni yobumnandi i-Khaziniz Shisa Nyama,e-Madadeni, esigcemeni sesithupha (6).Laba abathathu abathintekayo ekudutshulweni kulesigameko,kuvela ukuthi bangonogada .
Abebekhona endaweni yesigameko kanye nasezinkundleni zokuxhumana bathi bashaqekile futhi abasazizwa bephephile eKhazins Shisa Nyama ngemuva kwalesi sigameko ngoba onogada ibona bantu abathembele kubona uma beze kulendawo yobumnandi,uma sekudutshulwa noma kulinyazwa bona abasazi ngempela benze njani.
Amaphoyisa esiteshini saseMadadeni aseqinisekisile ngalesigameko kanti kube sekuboshwa umsolwa oyedwa ngemuva kokuba kudutshulwe onogada.

Related posts

Leave a Comment