KUVALWE NGEHLAHLA E-KZN KWI TELKOM KNOCKOUT

Isambane News images-300x216 KUVALWE NGEHLAHLA E-KZN KWI TELKOM KNOCKOUT  Isambane

Andile Mthembu –
Abalandeli bamaqembu aKwazulu Natal badumele ngesenzo samaqembu abo abawathandayo ngokuwashiswa ijezi ekuseni kumqudelwano we Telkom Knockout kulempelasonto.

Iqembu leMaritzburg United ilona eliqale lathezwa ngenduku iqembu le Platinum Stars ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi osukwini lwangolwesihlanu eHarry Gwala Stadium.

Iqembu lesibili eliphumile kube iGolden Arrows ishaywa iPirates ngegoli elilodwa eqandeni elavalelwa phakathi uThabo Qalinge ngomzuzu ka 35 okuyigoli elangcwaba “Abafana besthende” nokumdlalo ubuse Princes Magogo Stadium ngoMngqibelo.

AMazulu fc afundiswe isifundo angeke asikhohlwa iqembu le Kailzer Chiefs ibawashisa ijezi ngamagoli amathathu eqandeni eMoses Mabhida Stadium ebusuku,amagoli amakhosi avalelwe phakathi uGeorge Maluleka(32) ,Hendrick Ekstein(55),Simphiwe Tshabalala(59).

Amaqembu aKwazulu Natal aseyoze awubone ngonyaka ozayo umqhudelwano we Telkom Knockout.

Amaqembu adlulele phambili awu 8 aqhathiwe osukwini,kanti ami kanje:
Orlando Pirates vs Polokwane City
Chippa United vs KaiIsambane News images KUVALWE NGEHLAHLA E-KZN KWI TELKOM KNOCKOUT  Isambanezer Chiefs
Platinum Stars vs Blomfontein Celtic
Bidvest Wits vs Baroka fc

Related posts

Leave a Comment