UDABA NESITHOMBE Ngu: Khethiwe Mazibuko
DANNHAUSER – NAWE Dannhauser awumncinyana bheka ngoba inhlangano
yabefundisi be International Collision Of Fellowship (ICOF) ivule ngokusemthethweni isikhungo semfundo ephakeme eDannhouser eduzane nenkantolo yaseBuhlebomzinyathi I-ICOF inhlangano eyasungulwa isigungu sabefundisi base Melika ,eWashington DC,ngonyaka ka1932
ngenhloso yokufukula abenkolo yobuKristu umhlaba wonke
jikelele,ikakhulukazi izwekazi lase Afrika ngemfundo.
Khonamanjalo lenhlangano isiyaziwa umhlaba wonke njengoba benesinye
isikhungo kwelase Zambia kanye namanye amazwe akhelene neAfrika.
Ongu Preciding Bishop nophinde abe ngusihlalo kulesikhungo uMnuz Sbusiso Ntshangase ulande kabanzi ngalenhlanagano wathi “lenhlangano yasungulwa ngonyaka ka1932,kodwa ibe isivulwa ngokusemthethweni mhlazingama 28 kuNhlaba kuwona lonyaka. uthe sekuqaliwe ukufunda kulesikhungo ,kanti abafundi ababhalisela ukufunda babalelwa emashumini angu-70 .UNtshangase qhube wathi lesikhungo asifundisi ngezeBhayibheli kuphela kodwa zikhona nezinye kubalwa khona ezobuthishela ezenhlalakahle.
Ongumfundi kulesikole uNtombizandile Khumalo ukuqinisekisile ukuthilesikhungo sivuleleke
kuwona wonke umuntu ofuna ukufunda ,kodwa okuyibona abatola inzuzo yilabo sbenkolo yobuKristu.