Kuvunyelwane ngokuba lihlakazwe ibhodi leSABC

Isambane News 14522955_353471264991554_1104796440473748955_n-300x121 Kuvunyelwane ngokuba lihlakazwe ibhodi leSABC  Isambane

Kulandela ukwesula kwamalungu amabili ebhodi leSABC kungezelele muntu, akusekude lihlakazwe lonke ibhodi layo.

Ikomidi lezokuxhumana ePhalamende ngoLwesithathu lipheke ngemibuzo amalungu ebhodi leSABC.

UKrish Naidoo noVusi Mavuso bafake izincwadi zokwesula kwabo kuwo lo mhlangano.

Ibhodi belibizelwe ukuba lizophendula imibuzo ngokuqokwa kabusha kukaHlaudi Motsoeneng nangesimo sezimali eSABC.

Amalungu ePhalamende avumelene ngo elethu ukuhlakaza ibhodi, athi aliwenzi umsebenzi walo.

Usihlalo wekomidi uHumphrey Maxegwana uthe kuyacaca ukuthi sebesithathile isinqumo osekusele nje ukuthi kulandelwe inqubo efanele; amalungu abhalelwe izincwadi acelwe ukuba asule ezikhundleni.

Related posts

Leave a Comment