Kuyaqhubeka ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza eNewcastle

Isambane News FB_IMG_15049009862340006-300x200 Kuyaqhubeka ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza eNewcastle  Isambane

Kuqhubeka kahle ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza sase Newcastle,Kwazulu Natal esizokwenza kube lula kosomabhizinisi kanye nomphakathi ohambela indawo yase Goli.

Lesikhumulo sezindiza sase Newcastle kulindeleke ukuba siqale ukusebenza ngo March 2018.

Oyisikhulu se-Local Economic Development kuMasipala wase Newcastle uMnuz Ferdi Alberts ,uveze ukuthi wonke umsebenzi kulindeleke ukuba uphothulwe ngo December 2017 ngaphambi kokuthi kuqalwe ukusebenza.

Lesikhumulo sezindiza sizokwamukela izindiza zakwa SA Airlink eziya zibuye eGoli.

Kulindeleke ukuba emva kwesikhathi sesiqalile ukusebenza isikhumulo sezindiza kuphinde kuqaliswe omunye umzila ozosuka eNewcastle uye eThekwini.

Isambane News FB_IMG_15049009862340006 Kuyaqhubeka ukwakhiwa kwesikhumulo sezindiza eNewcastle  Isambane

Related posts

Leave a Comment