Udaba ngu: Siyabonga Mthethwa
Iqembu lesizwe lebhola labesifazane eNingizimu Afrika, iBanyana Banyana akulihambelanga kahle kwimidlalo yeNdebe yoMhlaba i-FIFA Women’s Cup ebanjwelwe eFrance,phesheya kwezilwandle.
IBanyana Banyana ithelwe ngehlazo yiChina ngo 1-0 ngoLwesine kusihlwa emdlwalweni wayo wesibili ku-Group-B.
IBanyana akuyihambelanga kahle nasemdlalweni wayo wokuqala njengoba yaguqiswa iSpain ngo 3-1.
Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis ekhuluma nabezindaba uthe “besize eFrance sinethemba lokuthi sizoyivala ngenothi eliphezulu imidlalo yeNdebe yoMhlaba njengoba besiwulungiselele kahle lomqhudelwano kodwa kwala ukwenza,sibonile indlela amaqembu ebesifakwe nawo kuGroup-B adlale ngayo, sifundile futhi sizokhuphula amasokisi emidlalweni elayo.”,kubeka u

uDesiree Ellis uphinde wathi ubathulela isigqoko abadlali beBanyana ngokuzikhandla kwabo ekulungiseleleni lomqhudelwayo weNdebe Yomhlaba.
IBanyana isasele nomdlalo owodwa okumele iwudlale neqembu eliku-Group-B i-Germany.Lomdlalo uzoba ngomsombuluko ngehora lesithupha ntambama (18:00),ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika.

Izithombe zicashunwe ku:https://twitter.com/Banyana_Banyana