KUZOHLONISHWA USENZO MEYIWA NGEMIDLALO EMLAZA

Isambane News 27545362_2077854249158862_4116347089245652980_n-300x203 KUZOHLONISHWA USENZO MEYIWA NGEMIDLALO EMLAZA  Isambane

Andizo Mthembu –

Kulindeleke ukuthi kugcwale enkundleni yezemidlalo osukwini lwangoMngqibelo eKing Zwelithini Stadium eMlaza mhlaka 09 June nalapho kuzobe kudlalwa ibhola lezinyawo kukhunjulwa lowo owayengunozinti we Orlando Pirates ne Bafana Bafana uSenzo Meyiwa owabulawa ngo Okthoba 2014 eVosloorus eGoli kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo.

Lemidlalo ezoba seMlazi izobe ibophele ingwazi zabadlali ababedlala no Meyiwa ,kanti abadlali okulindeleke ukuthi betheleke kulemidlalo ngomngqibelo singabala Siyabonga Sangweni,Siyabonga Nomvete,Lucky Lekgwathi,Joseph Makhanya,Tso Vilakazi,Doctor Khumalo,Itumeleng Khune, Andile Jali, Siyanda Xulu, Brilliant Khuzwayo,Mabhuti Khenyeza nabanye abaningi.

Lemidlalo ihlanganiswe uNtokozo Skhakhane kanye no Nathi Ngwenya.

Imidlalo ezobe idlalwa kuzobe kuhlangene amaqembu akwi-PSL nasebathatha umhlalaphansi ebholeni,amanye amaqembu azodlala kulomqhudelwano ilawa
London Cosmos(u18) vs Lamontville Golden Arrows (u18)
Santaco vs Ukhozi FM
Kzn Legends vs Gauteng Legends

Amathikithi ayokuzibukela lemidlalo aseqalile ayatholakala eComputicket nase Shoprite ngo R40 kanti amasango azovulwa ngo 8 ekuseni.

Related posts

Leave a Comment