Kuzokhishwa imali engu R40 million wamarandi ukuphucula nokuqinisa ezokuphepha kuleli | Isambane News

Isambane News 8460_large-225x300 Kuzokhishwa imali engu R40 million wamarandi ukuphucula nokuqinisa ezokuphepha kuleli |  Isambane News  Isambane

Ungqongqoshe wezokuvakasha kuleli uMmamoloko Kubayi-Ngubane usememezele ukuthi kuzokhishwa imali engu R40 million wamaRandi ngenhloso yokuphucula nokuqinisa ezokuphepha ikakhulukazi kubantu abazovakashela iNingizimu Afrika.

Lezizigigidi zamaRandi ziphuma kwaTourism Marketing South Africa (TOMSA) ebhekelele ezokuvakasha kuleli.

uKubayi Ngubane ekhuluma nabezindaba uthe udaba lezokuphepha luba nomthelela omubi kuzimakethe zezwe lakuleli yingakho bezoqinisa ezokuphepha kuleli.

Amacebo ezokuvakasha uma kuziwa kwezokuphepha enzelwe ukuqinisekisa ukuphepha kubavakashi.

uKubayi uthi ukholelwa ukuthi umphakathi uzobona ukubaluleka kwemizomo kahulumeni namacebo nemizamo eyenziwayo kulesikhathi samaholide

Isithpmbe: https://www.gov.za/about-government/contact-directory/mmamoloko-kubayi-ms

Related posts

Leave a Comment