Owayengunozinti we Bafana Bafana kanye ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa uzokwenzelwa indumezulu yomcimbi webhola ngenhloso yokumkhumbula.
UMeyiwa washona ngokudutshulwa eVosloorus eGoli, ngo-2014 kubo kanina wengane yakhe engumculi kuleli uKelly Khumalo,kuze kube manje ababulali bakhe abakaze batholakahle.
Owayengumdlali we-Kaizer Chiefs ne-Dynamos uNtokozo “Koloba” Sikhakhane uyena ohlele umcimbi ngokubambambisa nosomabhizinisi bendawo okuyibona abazolekelela ngokuxhasa lomcimbi wokukhumbula uMeyiwa njengoba engakaze enzelwe ngisho umcimbi owodwa wokumkhumbula.
Sekuphele iminyaka emithathu kukhulunywa ngendaba yokubulawa kuka Meyiwa.