Amakhulu ngamakhulu abantu bamukele ngenkulu inhlokomo iqembu laseNingizimu Afrika ebeliyodlala kuma- 2016 Paralympics, eRio.
Leli qembu liwine izindondo ezingu-17 sezizonke – okubalwa ezamagolide ezingu-7, ezesiliva ezingu-6 kanye nezethusi ezingu-4.
Yize noma lokhu kubukeka kuhlaba umxhwele uma ubheka ukuthi iqembu lama-Olympic lona libuye nezindondo ezingu-10 kuphela eRio, kodwa akufiki esibalweni sezindondo ezawinwa yiqembu lama-Paralympic elalimele iNingizimu Afrika eLondon, ngo-2012, njengoba labuya nezindondo ezingu-29.
UNgqongqoshe wezemidlalo uFikile Mbalula, ubeyingxenye yezithunywa ezamukele leli qembu eJohannesburg.
–