Udaba ngu: Njabulo Shezi
Kubikwa ukuthi lingase ligqabuke igoda phakathi kwe-South African Football Association okuyinhlangano ephethe ibhola kuleli kanye nenkampani yakwa-Nike okwiyona egqokisa iBafana Bafana neBanyana Banyana.
uNike wagoloza ukusayina amaphepha okuqhubeka nokugqokisa lamaqembu ngaphandle kwesizathu Kanti uNike wathi umakuphela uAfcon bayayihosha imfe. Kanti kubikwa lokhu nje i-Umbro neLotto ibona abasafake isicelo sokugqokisa lamaqembu, Ibafana isisebenzile nezinkampani ezinkulu okungoKappa, Addidas nePuma, Kuvela Zonke lezindaba bekusanda kuphuma nezithi iSAFA igcine ivumile ukufaka inkanyezi ejezini leBafana njengompetha beAFCON ka1996.