Lihlehlisiwe icala labasolwa ngokubulala obengu msakazi weJozi fm no mngani wakhe

Isambane News 19665621_1939824289569152_3840758426810116669_n-300x300 Lihlehlisiwe icala labasolwa ngokubulala obengu msakazi weJozi fm no mngani wakhe  Isambane

Icala labasolwa abane abasolwa ngokubulala umsakazi weJoziFM uDJ Mandla Hlatshwayo nomngani wakhe uOupa Duma lihlehliselwe umhlaka 19 kwephezulu.

Icala labasolwa ngokubulala umsakazi we Jozi FM uDJ Mandla Hlatshwayo nomngani wakhe uOupa Duma liqhubeka enkantolo kamantshi eLenasia.

Umphakathi uthukuthele kabi emvakokuthi ukhishiwe ngaphakathi enkantolo ngenxa yokuthi ukapteni okunguyena owethulela umbuso ubufakazi ecele ukuthi kusale abasondelene nomndeni kuphela kulelicala njengalokhu liqulwa ngoba ethi usabela impilo yakhe ngaphambilini uthe uyewathola izincingo ebezimsabisa mayelana nalelicala.

Labasolwa bavela ihlandla lesine enkantolo yase Lenesia.

uDJ Mandla Hlatshwayo nomngani wakhe uOupa Duma badutshulwa babulawa ngenyanga ka May kulonyaka mhlaka 14 ngaphandle kwase Meli lounge ePimville zone 3,kubika abezindaba iJoziFm

Related posts

Leave a Comment