Andizo Mthembu –
Ukushisa kwensimbi kumqhudelwano weNdebe yomhlaba eqhubeka eRussia ikhona okwenze ukuthi iqembu lase Afrika okuyi Egypt iphume ekuseni kulomqhudelwano ngemuva kokuthi ihluleke ukunqoba umdlalo wesibili idlala neRussia eziwinele ngamagoli amathathu kwelilodwa,ezikaFaro bese zihlulwa okwesibili kulomqhudelwano njengoba kowokuqala babingelelwa ngenduku iqembu le Uruguay.
I-Egypt bekulindeleke ukuthi kube yilonaqembu elenza kancono kwawase Afrika njengoba ebeligabe ngo Mohamed Salah odlala kwi Liverpool eNgilandi obenesizini enhle kakhulu kwezakhe kodwa izinto zabaphika ngisho kunjalo.
Kwiqoqo lokuqala kubonakala izwe laseRussia elingosokhaya kanye ne Uruguay kwibona abazodlulela esigabeni esilandelayo kwazise neqembu le Saudi Arabia aliliboni elidlalayo kwindebe yomhlaba.
Umdlalo wokugcina we Egypt izobhekana ne Saudi Arabia ngomsombuluko nokuwumdlalo usufana nowobungani njengoba bezobe bebanga indawo yesithathu engeke isabayisa ndawo kwiqoqo lokuqala.