Uyise kaSenzo Meyiwa uMnuz Sam Meyiwa uthi ngeke akuthole ukuphumula bengakatholakali ababulali bendodana yakhe uSenzo owayevimbela i-Orlando Pirates neBafana Bafana
USenzo wadutshulwa wafa kubo wentombi yakhe uKelly Khumalo ,eVosloorus ngo 2014.
Uyise kaSenzo ukhulume kanje ngenkathi ehlangana noNgqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele kwimidlalo yokukhumbula indodana yakhe enkundleni yemidlalo iKing Zwelithini eMlaza ngempelasonto.
USam uthe lokwenziwa kwalomcimbi wokukhumbula indodana yakhe kumjabulise kakhulu futhi unethemba lokuthi kuningi okuhle okuzokwenzeka njengoba elokhu esakhala namanje ngokuthi kunabantu abamthembisa okuthile abazokwenza ngendodana yakhe ,okuyimanje basathule.
Uthi unethemba lokuthi labantu abangagcinanga izethembiso kuye emva kwalomcimbi bazovela.
UBheki Cele uthe uzolixazulula icala kodwa akakwazi ukukhuluma kakhulu njengoba kusenophenyo oluqhubekayo ngokubulawa kukaSenzo.