“NGISAPHINDA NGISASHO I-PSL IYIHLAZO”:Tso Vilakazi

Isambane News cfcc936f5f5a435a97dfd980d66b81cc-300x236 "NGISAPHINDA NGISASHO I-PSL IYIHLAZO":Tso Vilakazi  Isambane

Udaba ngu: Njabulo Shezi

Oke wabangumdlali we- Orlando Pirates ne Mamelodi Sundowns uBenedict ‘Tso’ Vilakazi uthi usawaphinda namanje amagama akhe okuthi i-Premier Soccer League (PSL) iyihlazo.Lokhu kukhuluma kuka Tso kulandela emveni kokuthi iMamelodi Sundowns ikhale yemuka nesicoco seligi ingaphucwanga amaphuzu njengoba yayibhekene necala lokudlalisa umdlali ngokungekho emthethweni, ” I- Ajax, AmaZulu neCeltic bona baphucwe amaphuzu ngoba nakhu izikhulu zabo zingenamali.

Kuliqiniso impela ukuthi mawungenamali ubolela ejele kodwa mawuhlafuna elikapondo iyadedelwa nje uchanase, Impela iligi yethu iyihlazo” kubeka uVilakazi.

Ube esephetha ngokuthi “Angazi noma mhlawumbe abaphathi beligi banokwesaba yini ukuthi uMotsepe hleze angase ahoshe imfe ekuxhaseni leligi”

Related posts

Leave a Comment