#NGIYAZIPHANTELA: UKUKHIQIZA UMCULO OSEZINGENI KUMAKHELE ABUSHELELEZI

Isambane News 65796904_2376925855916184_7702403171062120448_n-225x300 #NGIYAZIPHANTELA: UKUKHIQIZA UMCULO OSEZINGENI KUMAKHELE ABUSHELELEZI  Isambane

Kubhala: uNjabulo Shezi

Namhlanje kulengosi ngikwethulela uProjusa, Beat Maker nomculi weHip Hop uSabelo Mbanjwa odume ngelika Treezymcee ophinde abe ngumsunguli welebuli yokuqopha iMoney Making Kings (MMK) okhulele KwaPakisi, eMgungundlovu wafunda eCopesville Combined School nase Danveria Secondary School, kanti ubuye asebenze eGoldern Horse Casino.

iMMK kaTreezymcee ilokhu iqhubeke njalo nokukhiqiza umculo osezingeni ngenxa yobumnandi beQuality yomculo okhiqizwa yisitebela sakhe nosekususe okukhulu ukukhuluma phakathi kwakhe nowayeqopha khona eMMK (igama lakhe sinalo kodwa siligodlile) kubangwa yona i-Quality esezingeni, kuthiwa yena lomculi wahosha imfe kwiMMK wayozifusela esakhe isitebela ngoba ebalekela ukukhokha kodwa kuthiwa i-Quality yeStudio sakhe yabayihlazo kwabalaleli nokwasusa udweshu. Kanti uTreezymcee ngonyaka ofile ukhiphe iMixtape esihloko sithi “Past or Future” umculo wakhe usudlalile kaningi esiteshini uMgungundlovu FM waphinde waba ne Interview khona.

Isambane News 65850191_421808712009916_4689376045462192128_n-1024x683 #NGIYAZIPHANTELA: UKUKHIQIZA UMCULO OSEZINGENI KUMAKHELE ABUSHELELEZI  Isambane

Izithombe: Zithunyelwe

Related posts

Leave a Comment