#NGIYAZIPHANTELA: UYAKHOLELWA EMSEBENZINI WAKHE UMAVUTHELA

Isambane News 62402951_680879649032797_3885442993255088128_n-2-225x300 #NGIYAZIPHANTELA: UYAKHOLELWA EMSEBENZINI WAKHE UMAVUTHELA  Isambane

Ingosi: Ngiyaziphantela kubhala: uNjabulo Shezi


Kulempelasonto ngibe nenhlanhla enkulu yokukhuluma noThembekani Vuyani Mdlalose odume ngelika Request Mavuthela ongumculi weHip Hop aphinde abenguProducer estebeleni sakhe iZwakala Records.

Lensizwa ezalelwe KwaSwayimane, eMgungundlovu uthi yena ubukela kakhulu kuMrepha uBig Zulu ocula umculo weNkabi Rap okuwuhlobo lomculo weHip Hop, kanti uphinde waveza kakhulu ukuthembela emsebenzini wakhe.

Umculo wakhe uthe uyatholakala mathupha kuyena ngokunjalo namaBeat, uthe uyawenza aphinde athengise ngawo, ngaphambi kokuba uphele lonyaka uthembise i-Albhamu yakhe yokuqala amatasa ngayo kulezinsuku.

Isambane News 62402951_680879649032797_3885442993255088128_n-2 #NGIYAZIPHANTELA: UYAKHOLELWA EMSEBENZINI WAKHE UMAVUTHELA  Isambane
Esithombeni ngu: Thembekani Vuyani Mdlalose odume ngelika Request Mavuthela ongumculi weHip Hop

Isithombe: Sithunyelwe



Related posts

Leave a Comment