UZodwa Libram odume ngelika Zodwa Wabantu usephumele obala waveza ukuthi noma kungathiwa umapunapuna noma ugqokile kodwa umama wakhe lapho ekhona uyaziqhenya ngaye.
Umama kaZodwa wamshiya emhlabeni eneminyaka engu-11, ukusukela ngalelo langa lokudlula kukaMama wakhe emhlabeni impilo kuZodwa ayibangalula njengoba ibukeka manje.

UZodwa uke waba sematheni emasontweni edlule ethenga ibhokosi ethi uyongcwatsha ngalo, lezinkulungwane zamarandi maqede wangena kulo walinganisa, Uphinde waba sematheni ngeviki eledlule khathi ebonakala ezinkundleni zokuxhumana ecela umshado kuBen 10 wakhe uNtokozo waphinde wadalula nokuthi hhuye oyokhipha namalobolo.
Udaba ngu: Njabulo Shezi
Izithombe:
https://www.facebook.com/zodwalibram.libram