OWEBUCS UDALULA UBUNGOZI BECITY

Isambane News 28379314_10155127857697097_5042296495928362527_n-300x300 OWEBUCS UDALULA UBUNGOZI BECITY  Isambane

Andizo Mthembu –

Umqeqeshi we Orlando Pirates uMilutin “micho” Sredojevic useveze inkinga abangase bebhekane nayo osukwini lwangolwesithathu uma sebetholene phezulu ne Cape Town City njengoba iCity iphuma endukwini ka 4-1 ishaywe iChiefs osukwini lwangoMngqibelo, kanti eZimnyama zona ziguqise kabuhlungu iSupersports United ngo 3-1ngamagoli avalelwe enethini Vincent Pule, Thembinkosi Lorch kanye no Ben Motshwari, elokubika ekhaya le United livalelwe uBongani Khumalo, uMicho uthi uyafuna ukuthi belokhu beqhubeke nawo umngqingqo wabo ukuze ekupheleni kwesizini kukhona abakufake ekhabetheni”, nginovalo njengoba siya Kulomdlalo weCity ukuthi sizokwazi yini ukuqhubeka nale fomu esiyitshengise kulomdlalo we Supersport, okunye okunginika uvalo ukuthi iCity inesilonda njengoba ishaywe iChiefs kodwa ngiyathemba ukuthi sizoqhubeka lana esigcine khona Kulomdlalo,”kusho uMicho.

Imidlalo ye Absa Premiership kulempelasonto isiyonke imi kanje:
19 September 2018
Golden Arrows vs Mamelodi Sundowns (Princess Magogo Stadium 19:30)
Orlando Pirates vs Cape Town city (Orlando Stadium 19:30)
21 September 2018
Bidvest wits vs Polokwane City(Bidvest Stadium 20:00)

Related posts

Leave a Comment