OWEMARITZBURG UQOKWE EMKHAKHENI WESPORTS PERSONALITY OF THE YEAR

Isambane News default-300x203 OWEMARITZBURG UQOKWE  EMKHAKHENI WESPORTS PERSONALITY OF THE YEAR  Isambane

Andizo Mthembu –

Umdlali ongaconsi phansi weMaritzburg United uSphesihle Ndlovu uqokwe emkhakheni weSports personality of the year kumcimbi wokuklomelisa bonke abadlali abenze kahle esifundazweni saKwazulu-Natal,uNdlovu uyena oqokiwe ebholeni lezinyawo kanti uBongumusa Mthembu yena uqokelwe kwezokugijima, selulonke uhlu lwabadlali abazovotelwa ngaphansi komkhakha weSports personality of the year:
Bongiwe Msomi (Netball)
Sphesihle Ndlovu (Football)
Bongumusa Mthembu (umgijimi)
Zinhle Ndawonde(Rugby)
Carn el Billson (Lifesaving) Sthabile Mnyandu(Table Tennis) Paul Dayne van zyl(Aquatics) Henri Schoeman (Triathlon) Keshav Maharaj (cricket) Aaron Alos Putz(Aquatics) Charles Philips (Gymnastics) kanti umphakathi uyacelwa ukuthi uvotele abadlali abenze kahle kwezemidlalo ngaphansi komkhakha we Sports personality of the year ngokuthumela umqhafazo othi :KZNSPORTS2018 kulandele igama lomdlali enombolweni ethi 33285, lomcimbi uzobanjelwa eThekwini e-Inkosi Albert Luthuli mhlaka 25 Septhemba Kanti Uhlelwe wumnyango wezemidlalo wesifundazwe ne Kzn Sports Confederation

Related posts

Leave a Comment