Owengoma ethi Patrick Mfwethu uthi uphoxekile ngenkulumo kaNgizwe egxeka ingoma yakhe | Isambane News

Isambane News FB_IMG_1597427678630-225x300 Owengoma ethi Patrick Mfwethu uthi uphoxekile ngenkulumo kaNgizwe egxeka ingoma yakhe | Isambane News  Isambane

UZwelandile Ngubane waseTugela Fery eMsinga KwaZulu-Natal osephenduke isilomo enkundleni yezokuxhumana ngengoma ethi Patrick Mfwethu uthi uphoxekile kakhulu ngenkulumo kaNgizwe Mchunu ayethule ngeVido egxeka ingoma yakhe ethi uyinkosi yamabhimbi wonke eNingizimu Afrika.

Isambane News FB_IMG_1597427722526-611x1024 Owengoma ethi Patrick Mfwethu uthi uphoxekile ngenkulumo kaNgizwe egxeka ingoma yakhe | Isambane News  Isambane
ESITHOMBENI: uZwelandile Ngubane.Isithombe sicashunwe ku Facebook

UNgubane ubhale ekhasini lakhe lakuFacebook lapho ezwakalise khona ukuphoxeka kwakhe ,”Ngibingelele enhla nasezansi ngithi nje angizodlulisa nasi isimemezelo kune vidio esisabalele kabhuti uNGIZWE MCHUNU lapho engiphoxa khona yebo mdala kimi ngiyathemba hlampe ungango baba wami ongizalayo kepha ngithi kubuhlungu ukuphoxwa umuntu omhloniphayo nozitshela ukuthi uzofunda kuyena so ngithi ngo mgqibelo ngizokuba LIVE khona lana ukuzophendula uNGIZWE MCHUNU kulenkulumo yakhe..bese kuba nokunye engizokudlulisa ngiyabonga kakhulu”,kubeka UNgubane.

Ngezansi iVideo lapho uNgizwe Mchunu ekhwela edilika kuNgubane

Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana lithi uNgizwe Mchunu uyixoki ngoba zolo lokhu uqophe iVido encoma ingoma ka Patrick Mfwethu kodwa namhlanje konke lokho sekujikile njengoba esephinde waqopha enye iVideo ekhwela edilika ku Ngubane ngenkulumo yakhe ethi uyiNkosi yamabhimbi eNingizimu Afrika.

[BUKA IVIDO YENGOMA] ka Zwelandile Ngubane ethi Patrick Mfwethu

Isambane News – Sibuya Nazo Zishisa l isambanenews@gmail.com

Related posts

Leave a Comment